Izaga 29:5-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Umuntu othopha umakhelwane wakhewenekela izinyawo zakhe inetha.

6. Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe,kepha olungileyo uyenanela, athokoze.

7. Olungileyo uyazi indaba yabampofu,kepha omubi akayiqondi.

8. Abantu abayizideleli bavusa umuzi,kepha abahlakaniphileyo babuyisa ulaka.

9. Uma ohlakaniphileyo ephikisene nesiwula,siyadlova sihleke, nokuthula akukho.

10. Abantu begazi bayazonda opheleleyo,kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.

11. Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.

12. Uma umbusi elalela indaba yamanga,zonke izinceku zakhe zimbi.

13. Ompofu nocindezelayo bandawonye;uJehova ukhanyisa amehlo abo bobabili.

14. Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso,isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.

15. Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha,kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.

Izaga 29