Izaga 28:10-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Odukisela abaqotho endleleni embiuyakuwela emgodini wakhe,kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.

11. Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso,kepha ompofu oqondileyo uyakusifica.

12. Lapho abalungileyo bethokoza,udumo lukhulu,kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.

13. Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.

14. Ubusisiwe umuntu owesaba njalo,kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.

15. Njengengoyama ebhongayo nebhere* elihahayo,unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.

16. Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo,ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.

17. Umuntu osindwa yigazi lomunyeuyakubalekela egodini;makangasizwa muntu.

18. Ohamba ekupheleleni uyakusinda,kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.

19. Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla,kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.

20. Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso,kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.

21. Ukukhetha ubuso akukuhle;ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.

22. Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo;akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.

23. Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisakunothopha ngolimi lwakhe.

24. Ophanga uyise nonina, ethi:“Akusiso isiphambeko,”yena ungumngane wochithayo.

25. Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana,kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.

26. Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula;kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.

27. Opha ompofu akayikuswela,kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.

28. Lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha,kepha ngokubhubha kwabo abalungileyo bayanda.

Izaga 28