Izaga 27:9-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo;bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo.

10. Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo,ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho;ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.

11. Ndodana yami, hlakanipha,uthokozise inhliziyo yamiukuba ngiphendule ongisolayo.

12. Oqondileyo uyabona ububi, acashe,kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.

13. Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi,umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.

14. Obusisa umngane wakhe ngezwi elikhulu, evuka ekuseni,kuyakubalelwa kuye ukuthi kuyisiqalekiso.

15. Ukuconsa okunganqamukiyo ngosuku lwemvulanowesifazane oxabanayo kuyafana.

16. Omvimbela yena uvimbela umoya;isandla sakhe sokunene sihlangana namafutha nje.

17. Insimbi ilola insimbi,nomuntu ubuso bomunye.

18. Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo,nolinda inkosi yakhe uyakudunyiswa.

19. Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.

20. Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi,namehlo omuntu awasuthi.

21. Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva,nesithando ngesegolide,nomuntu unjengodumo lwakhe.

22. Noma ugqula isiwula ngembokodweetsheni lokusila phakathi komqhazulo,ubuwula baso abuyikusuka kuso.

23. Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho,ubeke inhliziyo yakho emihlambini yakho.

24. Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade;umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na?

25. Lapho utshani bumuka,nohlaza lubonakala,nemifino yezintaba ibuthwa,

26. kukhona izimvu zokuba wembathe,nezimpongo ukuba zibe yintengo yomhlaba.

27. Kuyakuba khona ubisi lwezimbuziolwanele ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho,nokuphila kwamantombazana akho.

Izaga 27