25. Mabathokoze uyihlo nonyoko,ethabe owakubelethayo.
26. Ndodana yami,ngiphe inhliziyo yakho,amehlo akho enamele izindlela zami.
27. Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo,nowesifazane ondindayo ungumhholo onyinyeneyo.
28. Uqamekela njengomphangi;uyandisa abambuluzayo phakathi kwabantu.
29. Ngubani othi: “Maye!”Ngubani othi: “Wo!”Ngubani oxabanayo?Ngubani okhalayo,ngubani onezilonda ngeze, na?Ngubani onamehlo aklwelayo na?
30. Yibo abalibala ngasewayinini,abaya ukunambitha iwayini elixutshanisiweyo.
31. Ungalibuki iwayini ukuthi libomvu,nokuthi liyacwebezela endebeni,ukuba lehle kalula.
32. Ngasekugcineni liyaluma njengenyoka,lihlabe njengebululu.