Izaga 22:13-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle;ngiyakubulawa phandle esigcawini.”

14. Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo;othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.

15. Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana,kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.

16. Ocindezela ompofu ukuba azandiselenophayo isicebi bayakuba ngabokuswela kuphela.

17. Beka indlebe yakho,uzwe amazwi ezihlakaniphi,ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.

18. Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho,kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.

19. Ukuba ithemba lakho libe kuJehova,ngikwazisile khona namuhla,yebo, wena.

20. Angithi ngilobile kuwe nangaphambilingeziluleko nangokwazi,

21. ukuze ngikwazise ukuthembeka kwamazwi eqinisoukuba ubuyisele kwabakuthumileyo amazwi eqiniso, na?

22. Ungamphangi ompofu ngokuba empofu,ungamchobozi oswelayo esangweni,

Izaga 22