Izaga 21:9-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Kungcono ukuhlala egumbini lophahlakunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.

10. Umphefumulo womubi ufisa okubi;umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.

11. Lapho isideleli sihlawuliswa,ongenalwazi uyahlakanipha,nalapho ohlakaniphileyo efundiswa,uyathola ukwazi.

12. Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;ababi bayachithelwa ebubini.

13. Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofunaye uyakukhala angaphendulwa.

14. Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.

15. Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela,kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.

Izaga 21