24. Ozidlayo nozigabisayo,yisideleli igama lakhe,yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.
25. Isifiso sevila siyalibulala,ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.
26. Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,kepha olungileyo uyaphana engancishi.
27. Umhlatshelo wababi uyisinengiso;kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.
28. Ufakazi wamanga uyabhujiswa,kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.
29. Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe,kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.