20. Oqalekisa uyise nonina,isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.
21. Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni,kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.
22. Ungasho ukuthi:“Ngiyakuphindisela okubi,”yethemba kuJehova, uyakukusindisa.
23. Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova,nesilinganiso senkohliso asilungile.
24. Izinyathelo zomuntu zingezikaJehova;pho, umuntu angaqonda kanjani indlela yakhe na?
25. Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi:“Kungcwele,”abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.
26. Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi,iphindisele phezu kwabo ukushinga kwabo.
27. Umoya womuntu uyisibani sikaJehova,siphenya konke okuphakathi komuntu.
28. Umusa neqiniso kuyalonda inkosi;isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.
29. Udumo lwabasha lungamandla abo,nesivunulo sabadala singubumpunga.
30. Imivimbo elimazayo ihlanza ububi,nezishayo okuphakathi komuntu.