1. Iwayini liyisideleli,uphuzo olunamandla lungumxokozeli;bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.
2. Ingebhe ngenkosi injengokubhonga kwengonyama;oyithukuthelisayo wona umphefumulo wakhe.
3. Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,kepha zonke iziwula ziyaphikisana.
4. Ngenxa yobusika ivila aliyikulima;ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.
5. Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo,kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha.
6. Abantu abaningi bayamemezela,kube yilowo nalowo umusa wakhe,kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?