Izaga 17:8-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo:noma ebhekaphi, uyaphumelela.

9. Osibekela isiphambeko ufuna uthando,kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

10. Insolo ingena koqondileyokunemivimbo eyikhulu koyisiwula.

11. Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela;ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.

12. Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alokunesiwula ebuwuleni baso.

13. Ophindisela okuhle ngokubi,ububi abuyikusuka endlini yakhe.

14. Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi;ngalokho yeka inkani, ingakashisi.

Izaga 17