4. Owenza okubi uqaphela izindebe zokona,nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.
5. Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe,nothokoza ngengozi akayikuyekwa.
6. Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,nodumo lwabantwana lungoyise.
7. Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula;kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.
8. Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo:noma ebhekaphi, uyaphumelela.
9. Osibekela isiphambeko ufuna uthando,kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.
10. Insolo ingena koqondileyokunemivimbo eyikhulu koyisiwula.
11. Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela;ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.
12. Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alokunesiwula ebuwuleni baso.
13. Ophindisela okuhle ngokubi,ububi abuyikusuka endlini yakhe.