30. Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo,nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.
31. Indlebe elalela ukusola kokuphilaiyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.
32. Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe,kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo.
33. Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;ukuthobeka kuyandulela udumo.