Izaga 15:12-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Isideleli asithandi ukusolwa;asiyi kwabahlakaniphileyo.

13. Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle,kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.

14. Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi,kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.

15. Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi,kepha onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo.

16. Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungconokunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.

17. Isidlo semifino lapho kukhona uthando singconokunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.

18. Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana,kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.

19. Indlela yevila injengothango lobobe,kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.

20. Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise,kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.

21. Ubuwula buyintokozo kongenangqondo,kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.

22. Lapho kungekho khona ukululekana,amasu ayachitheka,kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.

23. Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!

24. Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezuluukuba adede endaweni yabafileyo phansi.

25. Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula,kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.

26. Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova,kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa.

27. Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe,kepha ozonda imivuzo uyakuphila.

28. Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula,kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi.

29. UJehova ukude nababi,kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.

30. Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo,nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.

Izaga 15