Izaga 13:3-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

4. Umphefumulo wevila uyafisa,ungatholi lutho,kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.

5. Olungileyo uyazonda amazwi amanga,kepha omubi ubanga amahloni,ahlazise.

6. Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele,kepha ububi buyachitha isoni.

7. Kukhona ozishaya ocebileyo,engenalutho kodwa;kukhona ozishaya ompofu,enemfuyo enkulu.

8. Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.

9. Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza,kepha izibani zababi ziyacimeka.

10. Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.

11. Imfuyo etholakala kalula iyancipha,kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.

Izaga 13