Izaga 13:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise,kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa.

2. Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe,kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.

3. Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

4. Umphefumulo wevila uyafisa,ungatholi lutho,kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.

5. Olungileyo uyazonda amazwi amanga,kepha omubi ubanga amahloni,ahlazise.

6. Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele,kepha ububi buyachitha isoni.

7. Kukhona ozishaya ocebileyo,engenalutho kodwa;kukhona ozishaya ompofu,enemfuyo enkulu.

8. Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.

Izaga 13