Izaga 1:25-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. kepha nichithile konke ukululeka kwami,anivumanga ukusola kwami;

26. nami ngiyakuhleka ingozi yenu,ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo,

27. lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo,nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi,lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.

28. “Khona bayakungibiza,kepha angiyikuphendula;bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana

29. ngenxa yokuba babezonda ukwazi,kabakhethanga ukwesaba uJehova,

30. bengavumanga ukululeka kwami,bedelela konke ukusola kwami.

Izaga 1