1. Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli,
2. zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa,nokwahlukanisa amazwi okuqonda,
3. nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha,nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,
4. nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha,nezinsizwa ukwazi namasu,
5. ukuze ohlakaniphileyo ezwe,aqhubeke ekufundeni,noqondileyo athole iziluleko ezinhle