Isililo 5:6-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Sinike isandla sethu kulo iGibithenakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa.

7. Obaba bona abasekho;thina sithwala ububi babo.

8. Izigqila ziyasibusa;akakho osikhulula esandleni sabo.

9. Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambongenxa yenkemba yasehlane.

10. Isikhumba sethu siyasha njengezikongokushisa kwendlala.

11. Balala nabesifazane eSiyoni,izintombi zasemizini yakwaJuda.

12. Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo;ubuso babadala ababuhloniphanga.

13. Izinsizwa zathwala amatshe okugaya,abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.

14. Abadala baphelile esangweni,nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo.

15. Intokozo yenhliziyo yethu iphelile;ukusina kwethu kuphenduke ukulila.

16. Umqhele uwile ekhanda lethu.Maye kithina, ngokuba sonile!

17. Ngalokho inhliziyo yethu idangele;ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,

18. ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile,zize zihambe kuyo izimpungushe.

Isililo 5