41. Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethukuNkulunkulu ezulwini.
42. Siphambukile, sahlubuka;wena awukuyekelanga.
43. Wazembesa ulaka, wasixosha,wabulala, ungahawukelanga.
44. Wazembesa ifu,ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.
45. Usenze umphucuzo nemfucumfucuphakathi kwabantu.
46. Zonke izitha zethuzisikhamisele imilomo yazo.