Isililo 3:25-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. UJehova muhle kwabamethembayo,kumphefumulo omfunayo.

26. Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthulaukusindisa kukaJehova.

27. Kuhle kumuntu ukuba athwale ijokaebusheni bakhe.

28. Makahlale yedwa, athule,lapho emthwesa lona.

29. Makabeke umlomo wakhe othulini;mhlawumbe kungaba khona ithemba.

30. Makanike isihlathi sakhe komshayayo,asuthe ngenhlamba.

31. Ngokuba uJehova akayikulahlakuze kube phakade.

32. Ngokuba noma edabukisile,uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.

Isililo 3