8. Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema,uma nimfumana othandiweyo wami,ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.
9. Othandiweyo wakho udlula ngani omunye,wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, na?Othandiweyo wakho udlula kuphi omunyeukuba usifungise kanjalo na?
10. Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu,uyabonakala phakathi kwezigidi.
11. Ikhanda lakhe liyigolide elihle elicwengekileyo;isihluthu sakhe sinententezo,simnyama njengegwababa.