Isambulo 3:13-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.

14. “Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi:“Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:

15. Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise.

16. Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.

17. Ngokuba uthi: ‘Ngicebile, kangiswele lutho,’ kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze;

18. ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone.

19. “Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.

20. Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.

Isambulo 3