Isambulo 21:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikukhombise umlobokazi, umkaWundlu.”

10. Yamuka nami ngikuMoya, yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi ongcwele waseJerusalema wehla ezulwini kuNkulunkulu,

11. unenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi* elicwebezelayo,

12. unogange olukhulu noluphakemeyo, unamasango ayishumi nambili, nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli;

13. ngasempumalanga kwakukhona amasango amathathu, nangasenyakatho amasango amathathu, nangaseningizimu amasango amathathu, nangasentshonalanga amasango amathathu.

14. Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.

Isambulo 21