Isambulo 18:1-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo.

2. Yamemeza ngezwi elinamdla, yathi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, selibe yindawo yokuhlala amademoni, nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zonke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo,

3. ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.”

4. Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo,

5. ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.

6. Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso;

7. ngokungangalokho elizidumise latamasa ngakho, linikeni ukuhlupheka nokulila okungako. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihlezi ngiyinkosikazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngabona ukulila.’

8. Ngakho kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.

9. “Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo,

10. emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!’

11. “Nabathengisi bomhlaba bayalikhalela, balililele, ngokuba impahla yabo ayisathengwa muntu,

12. impahla yegolide neyesiliva, namatshe anenani, namaparele*, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, kanye nemithi yonke enamakha, nezitsha zonke zamazinyo endlovu, nezitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, nezethusi, nezensimbi, nezetshe elimhlophe,

13. nokinamona,* nokunephunga elimnandi, nempepho, namafutha okuqhola, nenhlaka, newayini, namafutha eminqumo, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezigqila, nemiphefumulo yabantu.

14. “Nezithelo ezazifiswa ngumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke okunonileyo nokucwebezelayo konakele kuwe, akusoze kwabuye kufunyanwe.

15. Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila,

16. bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uvunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele!*

17. Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.’“Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumbi, namatilosi,* nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude,

18. badazuluka bebona umusi wokusha kwalo, bethi: ‘Ngumuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na?’

Isambulo 18