Isambulo 16:19-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.

20. Iziqhingi zonke zabaleka, nezintaba azifunyaniswanga.

21. Isichotho esikhulu esisinda njengetalenta* sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu; abantu bamhlambalaza uNkulunkulu ngenxa yohlupho lwesichotho, ngokuba uhlupho lwaso lulukhulu kakhulu.

Isambulo 16