Isambulo 13:4-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. bakhuleka kudrako, ngokuba wanika isilo amandla akhe, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani ongalwa naso na?”

5. Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.

6. Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele* lakhe, nabo abahlezi ezulwini.

7. Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe.

8. Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.

9. Uma ekhona onendlebe, makezwe.

10. Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.

11. Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, kepha sikhuluma njengodrako.

12. Amandla onke esilo sokuqala siyawenza phambi kwaso. Siyenza ukuba umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo bakhuleke kuso isilo sokuqala esingozi yaso yelashwa.

13. Senza nezibonakaliso ezinkulu, size senze nomlilo uphume ezulwini, wehlele emhlabeni phambi kwabantu.

Isambulo 13