Ekajakobe 2:17-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.

18. Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.

19. Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.

20. Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na?

21. U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na?

Ekajakobe 2