Ekajakobe 2:15-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla,

16. kusho omunye kini kubo ukuthi: “Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe,” kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na?

17. Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.

18. Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.

19. Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.

20. Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na?

21. U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na?

22. Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi,

23. kwagcwaliseka umbhalo othi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga,” wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.

24. Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela.

Ekajakobe 2