Ekajakobe 2:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu.

2. Ngokuba uma kungena esinagogeni* lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi,

3. nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo, nithi: “Hlala lapha wena kulendawo enhle,” besenithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,”

4. anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na?

Ekajakobe 2