Amahubo 96:2-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe,nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.

3. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.

4. Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu;uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.

5. Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,kepha uJehova walenza izulu.

6. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.

7. Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,mnikeni uJehova inkazimulo namandla.

8. Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,nilethe umnikelo,ningene emagcekeni akhe.

9. Khulekani kuJehova,nihlobe ubungcwele;thuthumela ebusweni bakhe,mhlaba wonke.

10. Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,”izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa;uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.

11. Malijabule izulu, umhlaba uthokoze;maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.

Amahubo 96