5. Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova.Imicabango yakho ijulile kakhulu.
6. Umuntu oyisilima angekucabange,nesiwula asikuboni.
7. Noma ababi behluma njengotshani,nezigangi noma ziqhakaza zonke,kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.
8. Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.
9. Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova,bheka, izitha zakho, ziyakubhubha;bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.
10. Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi,ngigcotshwa ngamafutha amasha.
11. Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami,nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.