Amahubo 89:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade,ngomlomo wami ngazise izizukulwanengezizukulwane ukuthembeka kwakho.

2. Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade;ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.”

3. Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami,ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:

4. “Ngiyakuqinisa inzalo yakho kuze kube phakade,ngisakhe isihlalo sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Sela*

5. Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu,ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.

6. Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na?Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?

7. UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele;umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.

8. Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na?Unamandla, Jehova,nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.

9. Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle;uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.

10. Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo;uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.

11. Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba;izwe nokugcwala kwalo,kukho konke ubeke isisekelo.

12. Inyakatho neningizimu wakudala wena;iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.

13. Ingalo yakho inobuqhawe,isandla sakho sinamandla,esokunene sakho siphakeme.

Amahubo 89