Amahubo 87 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

IJerusalema, ikhaya lezizwe

Elamadodana kaKora. Ihubo. Igama.

1. Isisekelo asibekileyo sisezintabeni ezingcwele.

2. UJehova uyawathanda amasango aseSiyonikunazo zonke izindlu zikaJakobe.

3. Okudumisekayo kukhulunywa ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela*

4. Ngiyakubala uRahabi neBabele kulabo abangaziyo;yebo, iFilistiya neThire kanye neKushe azalelwa khona.

5. Kuyakuthiwa ngeSiyoni:“Yilo nalo wazalelwa khona;oPhezukonke uyaliqinisa.”

6. Mhla uJehova eloba izizwe uyakubala ukuthilo wazalelwa khona. Sela*

7. Abahubayo nabasinayo bathi:“Imithombo yami yonke ikuwe.”