Amahubo 78:20-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Bhekani, washaya idwala,kwaphuma amanzi,nemifula yampompoza;kepha angabanika nesinkwa,alungisele abantu bakhe inyama, na?”

21. Ngalokho uJehova ekuzwa lokhowathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe,ulaka lwavuka ngo-Israyeli;

22. ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu,abathembanga ensindisweni yakhe.

23. Nokho wayala amafu phezulu,wavula iminyango yezulu,

24. wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla,wabapha amabele ezulu;

25. abantu badla isinkwa sezingelosi,bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.

26. Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini;ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.

27. Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli,nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.

28. Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo naphakathi kwezindlu zabo.

29. Badla, basuthiswa kakhulu;baphiwa abakufisayo.

30. Bebengakahlukani nokufisa kwabo,ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo,

31. intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela,wabulala abakhulupheleyo babo,wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.

Amahubo 78