Amahubo 74:3-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade;isitha sone konke endlini engcwele.

4. Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana,zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu.

5. Zaba sengathi abantu baphakamisa amazembeemithini eminyeneyo.

6. Konke okubaziweyo kwayosezikuphohloze ngembazo nangesando.

7. Zayokhela indlu yakho engcwele;indlu yegama lakho zayidumaza kwaze kwaba phansi emhlabathini.

8. Zathi enhliziyweni yazo: “Masibachithe kanyekanye,”zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni.

9. Izimpawu zethu asiziboni;akusekho mprofethi;akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.

10. Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka,isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?

11. Usihoshelani isandla sakho,isandla sakho sokunene, na?Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.

12. Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakadeeyenza insindiso emhlabeni.

13. Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho,wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.

14. Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani,*wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane.

15. Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana;nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.

16. Usuku ngolwakho,nobusuku ngobakho;nguwena owenza ukukhanya nelanga.

17. Nguwena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba;nguwe owenza ihlobo nobusika.

18. Khumbula lokhu, Jehova,ukuthi isitha sithukile,nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.

19. Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni;ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho njalo.

20. Khumbula isivumelwano,ngokuba izindawo ezimnyama zezwe zigcwele izindlu zobudlova.

Amahubo 74