Amahubo 73:11-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na?Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”

12. Bheka, laba bayibo ababi;bazinza njalo; bandisa imfuyo.

13. Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami,ngahlamba izandla zami ngingenacala,

14. ngokuba ngahlushwa usuku lonke;kwasa ngijeziswa.

15. Uma bengithe,ngizakukhuluma kanjalo,bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.

16. Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,kwaba luhlupho emehlweni ami,

Amahubo 73