15. Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho,nensindiso yakho lonke usuku;ngokuba anginakukubala.
16. Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova;ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.
17. Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami;ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.
18. Futhi mawungangishiyi,nxa ngimdala, ngiyimpunga,ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane,amandla akho kubo bonke abezayo.