Amahubo 69:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho;ihlazo lisibekela ubuso bami.

8. Sengaba ngumfokazi kubafowethu,nowezizwe kubantwana bakamame.

9. Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile;izithuko zabakuthukayo zingehlele.

10. Ngakhala, umphefumulo wami wazila;kwaba ngukudunyazwa kwami.

11. Isaka ngalenza isambatho sami;ngaba yisaga kubo.

12. Abahlezi esangweni bakhuluma ngami;izidakwa ziyangihaya.

Amahubo 69