11. INkosi iphumisa izwi;abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.
12. Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona;isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.
13. Nxa nilala phakathi kwezibaya,kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva,izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.
14. Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo,likhithika iqhwa eSalimoni.
15. Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu;intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo.
16. Nina zintaba ezineziqongo,yini ukuba niyibuke ngomhawu intabauNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na?Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.
17. Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili,izinkulungwane nezinkulungwane;iNkosi iphakathi kwazo;iSinayi lisendaweni engcwele.