8. Ukuzula kwami ukubalile wena;yetha izinyembezi zami egabheni lakho;azikho encwadini yakho na?
9. Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo;ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.
10. KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi;kuJehova ngiyakulidumisa izwi.
11. Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?
12. Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami;ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
13. Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeninezinyawo zami ekuweni,ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkuluekukhanyeni kwabaphilayo.