Amahubo 55:12-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo;ngabe ngiyakuthwala;akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami;ngabe ngamcashela;

13. kepha nguwe ntanga yami,mhlobo wami nomngane wami.

14. Sasihlalisana kamnandi;sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo.

15. Ukufa makubazume,bashonele endaweni yabafileyo besezwa,ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.

16. Mina ngizakukhala kuNkulunkulu;uJehova uzakungisindisa.

17. Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule,abeselizwa izwi lami.

Amahubo 55