Amahubo 49:6-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. labo abathemba imfuyo yabobezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

7. Umuntu angemhlenge umfowabo,angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.

8. Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu;akunakuphela nanini

9. ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

10. Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafanokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha,imfuyo yabo bayishiyele abanye.

11. Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabozizakuma kuze kube phakade,nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane;amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

12. Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma;ufana nezilwane ezibhubhayo.

13. Le ndlela yabo ingubuwula babo,balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela*

Amahubo 49