Amahubo 49:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Le ndlela yabo ingubuwula babo,balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela*

14. Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu;ukufa kuyakubalusa,abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa,isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo,bangabe besaba nandlu.

15. Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wamiesandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela*

16. Ungesabi, nxa umuntu eceba,nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.

17. Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho;ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.

18. Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila,futhi abantu bekudumisa,ngokuba uzondle kahle,

Amahubo 49