Amahubo 45:11-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. yikhona inkosi izakubuthanda ubuhle bakho,ngokuba yona iyinkosi yakho, woyikhothamela.

12. Indodakazi yaseTire, yebo, nabacebileyo babantubancenga umusa wakho ngesipho.

13. Indodakazi yenkosi inhle kakhulu, ilapho phakathi;ingubo yayo yalukiwe ngegolide.

14. Iyiswa enkosini igqoke izingubo ezifekethisiweyo;izintombi ezingabangane bayo ziyayilandela; ziyiswa kuwe.

15. Ziyiswa ngokujabula nangokwethaba,zingena endlini yenkosi.

16. Amadodana akho ayakuba sesikhundleni sawoyihlo;uyakuwabeka abe yizikhulu emhlabeni wonke.

17. Igama lakho ngiyakulenza likhunjulwe ezizukulwaneni zonke;ngakho-ke izizwe ziyakukubonga kuze kube phakade naphakade.

Amahubo 45