Amahubo 37:3-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Themba kuJehova,wenze okulungileyo;hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;

4. zithokozise ngoJehova,yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.

5. Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;yena uzakukwenza.

6. Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,nokufanele wena njengemini.

7. Thula phambi kukaJehova,ulindele yena;ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,ngomuntu osongoza amacebo amabi.

8. Pheza ukuthukuthela;yeka ulaka, ungakhathazeki;kubanga ukona nje.

9. Ngokuba ababi bazakuchithwa,kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.

Amahubo 37