Amahubo 37:21-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Omubi uyatsheleka, angabuyiseli;kepha olungileyo unesihawu, aphane.

22. Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba,kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.

23. Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;uyayithanda indlela yakhe.

24. Noma ekhubeka, akayikuwa phansi,ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.

25. Kade ngimusha, manje sengimdala;angizange ngibone olungileyo eshiyiwenenzalo yakhe iphanza ukudla.

26. Usuku lonke uyahawukela,atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.

27. Deda kokubi, wenze okuhle,uyakuhlala kuze kube phakade.

28. Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,akabashiyi abangcwele bakhe;bayalondolozwa kuze kube phakade,kepha inzalo yababi iyachithwa.

Amahubo 37