Amahubo 36:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini,nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

6. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi,ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu;usindisa abantu nezilwane, Jehova.

7. Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka;abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.

8. Bayakusutha ngamanoni endlu yakho,ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.

9. Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila;ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.

10. Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo,nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.

Amahubo 36