9. Ungafihli ubuso bakho kimi,ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela;wena ulusizo lwami, ungangilahli,ungangishiyi,Nkulunkulu wensindiso yami.
10. Ngokuba ubaba nomame bangishiyile,kodwa uJehova uzakungamukela.
11. Ngifundise indlela yakho, Jehova,ungihole endleleni ekhanyayongenxa yezitha zami.
12. Unganginikeli entandweni yezitha zami;ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafuthaukudlozomela.
13. Yeka, uma bengingathembanga ukubonaokuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!
14. Lindela uJehova, uqine,inhliziyo yakho ime isibindi;yebo, lindela uJehova.