Amahubo 26:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngahlulele, Jehova,ngokuba ngihamba ekulungeni kwami;ngithemba uJehova, angiyikuntenga.

2. Ngivivinye, Jehova, ungilinge;hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.

3. Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami;ngihamba eqinisweni lakho.

4. Angihlali nabantu bamanga,angihambelani nezimbulu.

5. Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi,angihlali nababi.

6. Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala,ngizungeza i-altare lakho, Jehova,

Amahubo 26