Amahubo 22:26-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Abamnene bayakudla, basuthe;abafuna uJehova bayakumdumisa;inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.

27. Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula,iphendukele kuJehova,nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.

28. Ngokuba umbuso ungokaJehova;nguye obusa izizwe.

29. Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla, bakhuleke;bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe,naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.

30. Inzalo iyakumkhonza;isizukulwane esizayo siyakulandiswa ngayo iNkosi.

31. Bayakuza bashumayele ukulunga kwayokuso isizwe esiyakuzalwa ngokuthi ikwenzile.

Amahubo 22